IRejista yokuVikelwa kweziNgane inohlu lwezingane ezisebucayini, ezingaphansi kweminyaka yobudala eyi-18, ezidinga ukuvikeleka. IRejista ihlala igcinwe isisebenzi sezenhlalakhale esisebenza phakathi koMnyango osendaweni wezeNhlalakahle nokuThuthukiswa koMphakathi. Imininingwane equkethwe kuleli Rejista iyimfihlo kanti ingabelwa labo kuphela abayingxenye yethimba lokuVikelwa kweziNgane (isibonelo, uthisha, umhlengikazi, udokotela, umnakekeli/ isiphathimandla sasemaphoyiseni/ imantshi, nabanye).
Kugcinwe uhla lwezingane ezisebucayini ezidinga usizo lwezenhlalakahle.
Kuxhumaniswe ingane nomndeni wayo nabezenhlalakahle ngokushesha (ohlinzeka lolo lusizo).
Kuqashwe leso naleso sigigaba ukuqinisekisa ukuthi kuhlinzekwa izinsizakalo zeqophelo emndenini nasenganeni.
NgokoMthetho owengamele ukunakekelwa kwezingane, (uNo. 74 ka-1983) laba bantu abalandelayo abangongoti banesibopho sokubika noma ikuphi okusolisa sengathi kunezinkomba zokuxhashazwa kwezingane kumbe ukuhlukumezwa..
uDokotela wamazinyo, udokotela owejwayelekile, umhlengikazi, usonhlalakahle, uthisha, nanoma imuphi umuntu oqashwe kumbe owengamele iKhaya leziNgane kumbe indawo yokuKhoselisa kumbe ukuNakekela izingane.
Uma ngesikhathi eyihlola, ebhekene nayo, kumbe eyihlenga ingane, kube nezinsolo zokuthi kungase kube iyaxhashazwa, kufanele lokho kubikwe kusonhlalakahle oseduzane nalapho ihlala khona ingane.
Noma iliphi ilungu lomphakathi/ kumbe izakhimizi ezikhathazekile yilesi simo banokuhlonza ukuxhashazwa kwengane kumbe ukuhlukunyezwa kway kanti bangabikela usonhlalakahkle ngalokhu.. Amagama abathintekayo azogcinwa eyimfihlo.
Imininingwane yokwazisa yengane.
Imininingwane yokwazisa yabazali begazi/abazali abangabanakekeli bengane.
Ikheli lalapho kuhlala khona ingane, uma ingahlali nabazali, ikheli labo abazali.
izinsuku okwenzeka ngazo izigigaba okubikwa ngazo kanye nohlobo lwesigigaba.
Imininingwane yezimo ezaholela ekuthenini kube nezinsolo.
Noma yimuphi umlando wezehlo zaphambilini.
Noma yimiphi imininingwane yokuthinta abanye abantu abanokufakazisa ngalezi zinsolo.
Imininingwane yokukuthinta efayelini isemqoka, kwenzela uma kunesidingo sokuthi usonhlalkahle akuthinte malungana neminye imidanti yalolu daba.
Indlakadla: Kungaba imihuzuko, izibazi, izenyelo, ukusha, ukulunywa ngamazinyo, nokunye.
ukuhlukunyezwa emoyeni: Kungaba ukwehluleka ukufeza izidingo zengane zokuyikhombisa uthando, ukuyinaka, ukuyakha nokukhuluma nayo ngendlela enesihluku, ukuyishaya indiva, ukuyesabisa ngesihluku, kumbe imizamo yokuyethusa.
Ukungayibhekeli: Ukuba yilokhu wehluleka ukuvikela ingane ezingozini noma iziphi, emakhazeni, ekulambeni, nokungenzi okufanele okuhambisana nokuyinakekela, nokunye.
USonhlalakahle uzokuyivakashela ingane nomndeni wayo ukuze ayobhekisisa isimo anqume noma ingane iyadinga yini ukunakekelwa nokuvikelwa.
Lapho osolwa ngokuhlukumeza ehlala ndlini yinye nengane, kungenzeka acelwe ukuba asuke ayohlala engxenye. Uma lokhu kungenzeke, ingane ingahlala kwamakhelwane, umngane, isihlobo kumbe endaweni yokukhoselisa izingane okwesikhashana.
Chabo, kuphela nje lapho impilo yengane isengozini. Isimiso mgomo sokugcina ingane nomndeni wayo siyigugu kakhulu. Lapho kuthathwa isinqumo, kuye kubhekelwe njenegnto esemqoka ukuba ingane izuze ngaso sonke isikhathi. Imindeni nezingane ziyingxenye yokuthathwa kwanoma yisiphi isinqumo ngesimo ababhekene naso.
Chabo, kuphela nje ukufakwa kodaba ohlwini ngokwakho akuwathinti amalungelo esibopho enganeni omzali kumbe umnakekeli wayo. Ilungelo lithinteka kuphela uma sekuzofanela ukuba kuthatshathwe izinyathelo zomthetho (isibonelo: ukususwa kwengane).
